Isiqondiso esiwusizo sokukusiza ukuba ukhethe ukudla okunempilo okuyokugcina unamandla ngesikhathi ugula.
Ukudla ukudla okunempilo kubalulekile kuwo wonke umuntu, kodwa uma unesifo esithile, kubaluleke ngisho nakakhulu ukuba ukhethe izinhlobo zokudla ngokuhlakanipha! Ukudla ukudl a okunempilo kusho ukudl a ukudl a okuzoni keza umzimba wakho wonke umsoco owudingayo ukuze usebenze kahle noyowusiza ekulwisaneni nezifo. Umsoco yizakhi ezibalulekile ezitholakala ekudleni. Kukhona izinhlobonhlobo zomsoco ezitholakala ekudleni, okungukuthi amaprotheni, ama-carbohydrate, amafutha, amavithamini, namaminerali.
Uma unesifo esingamahlalakhona (njengofuba, umdlavuza, noma ingculaza), isimiso sokuzivikela somzimba wakho siba buthaka. Lokhu kusho ukuthi umzimba wakho awube usakwazi ukuzivikela kahle ezifweni ngendlela obuvame ukwenza ngayo ngaphambili. Isimiso sokuzivikela esibuthaka singaholela ekungenweni yizifo emlonyeni, emphinjeni nasesiswini. Ukudla ukudla okunempilo kuyonikeza umzimba wakho umsoco oyoqinisa isimiso sokuzivikela ukuze silwisane nezifo.
ukunikeze umuzwa wokuthi ungumqemane; futhi ukusize ukuba ujabulele ukuphila okungcono.
Ukudla ukudla okunempilo kuyokusiza ukuba ulwisane nezifo futhi kukusize ukubaubhekane kangcono nesifo uma unaso.
Izifo ezinjengofuba, umdlavuza noma ingculaza ngokuvamile ziholela emzimbeni ongondlekile kahle.
Ukungondleki kahle kwenza ukuba isimiso sokuzivikela komzimba sibe buthaka, ngaleyo ndlela kube lula ukungenwa yizifo. Lapho umuntu engenwe yigciwane lesandulela ngculaza, ukungondleki kahle kungasheshe kuholele engculazeni.
Kunezinhlobo eziningi zokudla okunempilo ongazikhetha. Umzimba wakho udinga izinhlobo eziningi zokudla. Kukodwa nje, akukho ukudla okuqukethe wonke umsoco odingwa umzimba wakho. Khetha futhi ujabulele ukudla okutholakala kalula, ongase ukwazi ukukuthenga nokuthandayo.
Qikelela kakhulu ukuthi yini oyidlayo ngokushesha nje lapho sewazi ukuthi unesifo esithile. Ukudla ukudla okunempilo kungakusiza ukuba ulwisane nezifo futhi kuvimbele ukwehla kwesisindo somzimba.
Ukuze uthole konke okudingayo ekudleni kwakho, yidla izinhlobo eziningi zokudla ongase ukwazi ukuzithola. Ukudla izinhlobonhlobo zokudla kuyokusiza ekuqinisekiseni ukuthi uthola wonke umsoco umzimba wakho owudingayo ekudleni kwakho. Uma kukwehlula ukudla ukudla okuningi, zama ukudla kancane izikhathi eziningana phakathi nosuku ukuze uqinisekise ukuthi udla ngokwanele.
Ukudla okunesitashi njengesinkwa, iphalishi, okusanhlamvu (cereals), irayisi, amazambane, isitambu, impuphu, amabel e ne-pasta kufanele kuphakwe kakhulu ukwedlula noma yisiphi isishebo okuhambisana naso. Ukudla okunesitashi kunika umzimba amandla kanye nomunye umsoco ukuze usebenze kahle. Yenezela noma yikuphi okunye ukudla okunjengemifino, ubhontshisi ongafakiwe ethinini, inkukhu noma amaqanda ekudleni okunesitashi ukuze wenze ukudla okumnandi.
Ukudla esikuthola ezilwaneni kunika imizimba yethu izinhlobonhlobo eziningi zomsoco. Omunye wayo iphrotheni, esiza ekuqiniseni isimiso sokuzivikela somzimba wakho nasekwakheni izicubu eziqinile. Lapho ugula, udinga okuningi kwalokhu kudla.
Ushukela, namafutha nakho kuyingxenye yenqubo yokudla okunempilo. Kukunika amandla engeziwe okubhekana nesifofuthi kwenze ukudla kunambitheke.
Sonke kumelwe sizame ukusebenzisa usawoti omncane, njengoba usawoti omningi ungase ubangele umfutho wegazi ophakeme. Nokho, uma unesihudo noma uhlanza, kulahleka usawoti namanzi amaningi.
Ukuphuza amanzi kubalulekile kithi sonke. Phuza amanzi amaningi ukuze uqinisekise ukuthi uyawabuyisela amanzi alahleké ngesikhathi sokuhuda, sokuhlanza noma sokujuluka ebusuku. Amanzi aphuma empompini ngokuvamile alondekile, kodwa wabilise amanzi akhiwa emthonjeni, emfuleni noma emgodini ngaphambi kokuba uwaphuze.
Ungaphuzi noma yiluphi uphuzo oludakayo. Uphuzo oludakayo luyingozi esibindini futhi lubangela ukuba umzimba ulahlekelwe amavithamini avikela umzimba ezifweni. Kubaluleke kakhulu futhi ukuba ungalokothi uphuze uphuzo oludakayo lapho usebenzisa imithi ngoba luzolimaza isi bindi sakho.
Yiba matasa ngangokunokwenzeka ukuze ugcine izicubu zakho ziqinile. Ukunyakazisa umzimba njengokuhamba, ukuhlanza indlu nokulungisa ingadi kuyowuthuthukisa umuzwa wakho wokuthi ungumqemane.
Geza njaloizandlazakho ngensipho ngaphambi nangemva kokuthinta ukudla.
Geza zonke izitshafuthi uhlanze nendawo olungisela kuyo ukudla.
Yemboza ukudla ukuze kungathintwa yizimpukane nezilwane.
Bheka "usuku lokuthengwa" kwempahla entweni oyithengayo. Qiniseka ukuthi awukuthengi ukudla uma sekwedlulelwe yisikhathi.
Qiniseka ukuthi awuyidli inyama eluhlaza, inkukhu, inhlanzi noma amaqanda.
Kuphekisise kahle ukudla ukuze kufe amagciwane.
Uma unesiqandisi, faka konke ukudla okusele esiqandisini noma ukugcine kumboziwe endaweni epholile.
Ukudla okuphekiwe akumelwe kugcinwe isikhathi esingaphezu kosuku olulodwa futhi kufanele kuphinde kufudunyezwe ngaphambi kokuba kudliwe.
Gcina ukudla endaweni ephole kakhulu ngangokunokwenzeka. Zama ukungavumeli ukuba ukudla okuphekiwe kuhlale kungafakiwe endaweni efanele [njengesiqandisi] isikhathi esingaphezu kwamahora amabili.
Ukudla ukudla okunempilo kuzuzisa wonke umuntu! Uma ugula, kubaluke ngisho nakakhulu.
Ukululama ngokushesha ezifweni wenze nezilonda ziphole ngokushesha.
Ukubhekana ngokuphumelelayo nokusebenzisa imithi nokwelashwa.
